zuluring.blogspot.com
Zuluring: Amagama Amqondofana
http://zuluring.blogspot.com/p/amagama-amqondofana.html
Amagama amqondofana angamagama anikeza umqondo ofanayo, noma anencazelo efanayo, asho into eyodwa. Amanzi ∼ amadambi. Casuka ∼ dinwa. Hlomula ∼ zuza. Igceke ∼ ibala. Igwala ∼ ivaka. Ikhala ∼ impumulo. Indlela ∼ inyathuko. Indlu ∼ inkatheko. Indoda ∼ injeza. Inja ∼ ingcanga. Isibhamu ∼ umkhono wekati / izulu lezandla. Iso ∼ iqaphelo. Isu ∼ icebo. Liyana ∼ kuyanetha. Phuza ∼ natha. Ubhozo ∼ uqukula. Ukudla ∼ ukumaya. Ukuhlangana ∼ ukunqwamana. Umbani ∼ umphazimo. Umfana ∼ umkhapheyana. Vimba ∼ nqanda.
zuluring.blogspot.com
Zuluring: Izisho
http://zuluring.blogspot.com/p/izisho.html
Ngezansi izisho kanye nezincazelo zazo Zulu Idioms. 8764;Ukwaziwa abantu bonke ukuthi ungumuntu onjani. 8764;Ukusondelela umuntu lapho ebuthaka ngakhona. 8764;Ukwenza into engeke yakusiza ngalutho. 8764;Ukuzifaka wena ngokwakho enkingeni. 8764;Ukufuna izinto zonke zibe ngezakho, ukuba yigovu. 8764;Ukuvimba inkomo uyikhalime. Ukudla wesulele phansi njengenkukhu. 8764;Ukwenza izinto ube uphika. 8764;Ukuqikelela noma iyiphi ingozi engase ikwehlele. 8764;Ukungakwazi ukudlala unobhutshuzwayo. 8764;Ukuhlala ul...
zuluring.blogspot.com
Zuluring: 10/1/14 - 11/1/14
http://zuluring.blogspot.com/2014_10_01_archive.html
Incazelo nokusetshenziswa kwegama: UYIHLO. Uyihlo = ubaba wakho. Igama 'uyihlo' liyigama elilodwa elifinyeza inkulumo ethi: 'ubaba wakho'. Ngakho-ke esikhundleni sokuthi uma ukhuluma nomuntu uthi: 'ubaba wakho', ungasebenzisa igama 'uyihlo'. Awube usamfaka u-'wakho' emumva kokusebenzisa leli gama. Ngezansi yizibonelo zokusebenzisa leli gama ngendlela eyiyo:. 1) Akakafiki yini uyihlo weZandile? 2) Zingane kumele nibahloniphe oyihlo. 3) Bongani, tshela uyihlo ukuthi sengifikile. 2) Angimazi uyihlo kaBongani.
zuluring.blogspot.com
Ukhule Uze Ukhokhobe | Zuluring
http://zuluring.blogspot.com/2014/11/ukhule-uze-ukhokhobe.html
EsiZulwini uma sifisela umuntu unwele olude siyaye sithi, “Ukhule uze ukhokhobe.” Lokhu kushiwo ngoba uma umuntu esemdala kakhulu uyakhokhoba uma ehamba. Ngisho noma ngabe mfishane, noma ngabe mude kuyafana, uma eseguge okwangempela uyakhokhoba uma ehamba. Lowo-ke osuke ekufisela unwele olude bese esho la mazwi (ukhule uze ukhokhobe), usuke ekufisela ukuba ukhule uze ufike kulelo zinga lobudala. Akukhona ukuthi usuke ekufisela ukuthi uzithole ungasakwazi ukuhamba kahle. DJ Sqgemeza - uKhozi FM.
zuluring.blogspot.com
Zuluring: 8/1/11 - 9/1/11
http://zuluring.blogspot.com/2011_08_01_archive.html
Owavel’eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso,. Angadl’amathibane indlala ngabe iwile,. Mnisi wemvula ilanga libalele,. Ngoz’ovel’eNyandeni,. Ngoza kaMkhubukeli, kaGazi,. Ngezansi izisho kanye nezincazelo zazo. 8764;Ukungakwazi ukudlala unobhutshuzwayo. Ukuba mtshingo ubethwa ngubani. 8764;Ukungabi nokuzivikela, ukungalwi. 8764;Ukuba nobuqili obufihlakele. 8764;Ukuthembela entweni engenampumelelo. 8764;Ukukhala emva kwendaba. 8764;Ukukhala emva kwendaba. 8764;Izinto noma abantu abaningi. 8764;Ukuba sesimeni so...
zuluring.blogspot.com
Zuluring: 5/1/11 - 6/1/11
http://zuluring.blogspot.com/2011_05_01_archive.html
Nonkosi, Mlotshwa,. Wena kaSengama umuntu ngejozi,. Wena owehla ngesilulu abafokazane behla ngezinyawo,. Lwandle, Ntenga,. Kunene, Majoka,. Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,. Madl'uvalo lwengonyama abanye bedl'olwenkomo,. Ntetha, Vangisa,. Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,. Kunene, Majoka,. Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,. Madl'uvalo lwengonyama abanye bedl'olwenkomo,. Ntetha, Vangisa,. Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,. Hlobose, Nobekela,. Sandanezwe, Nongalo,. Mlondo, Vezi,.
zuluring.blogspot.com
Unyoko | Zuluring
http://zuluring.blogspot.com/2014/10/unyoko.html
Incazelo nokusetshenziswa kwegama: UNYOKO. Unyoko = umama wakho. Igama 'unyoko' liyigama elilodwa elifinyeza inkulumo ethi: 'umama wakho'. Ngakho-ke esikhundleni sokuthi uma ukhuluma nomuntu uthi: 'umama wakho', ungasebenzisa igama 'unyoko'. Awube usamfaka u-'wakho' emumva kokusebenzisa leli gama. Ngezansi yizibonelo zokusebenzisa leli gama ngendlela eyiyo:. 1) Akakafiki yini unyoko weZandile? 2) Zingane kumele nibahloniphe onyoko. 3) Bongani, tshela unyoko ukuthi sengifikile. 2) Angimazi unyoko kaBongani.
zuluring.blogspot.com
Zuluring: Izaga
http://zuluring.blogspot.com/p/izaga.html
Ngezansi izaga nezincazelo zazo. Imbila yeswela umsila ngokulayezela. 8764;Ungaze wathemba abanye ukuthi bakwenzele imisebenzi eqondene lawe. Abantu abayi ngandawonye bengemanzi. 8764;Abantu abavumelani bonke ngento eyodwa. Akukho ndlovu yasindwa umboko wayo. 8764;Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe. Akukho thusi lathetha lilodwa. 8764;Akekho umuntu onganengwa engaqalwanga. Akukho zinyane lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba. 8764;Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe. Induku enhle igawulwa ezizweni.
zuluring.blogspot.com
Zuluring: 11/1/14 - 12/1/14
http://zuluring.blogspot.com/2014_11_01_archive.html
EsiZulwini uma sifisela umuntu unwele olude siyaye sithi, “Ukhule uze ukhokhobe.” Lokhu kushiwo ngoba uma umuntu esemdala kakhulu uyakhokhoba uma ehamba. Ngisho noma ngabe mfishane, noma ngabe mude kuyafana, uma eseguge okwangempela uyakhokhoba uma ehamba. Lowo-ke osuke ekufisela unwele olude bese esho la mazwi (ukhule uze ukhokhobe), usuke ekufisela ukuba ukhule uze ufike kulelo zinga lobudala. Akukhona ukuthi usuke ekufisela ukuthi uzithole ungasakwazi ukuhamba kahle. Subscribe to: Posts (Atom).
zuluring.blogspot.com
Zuluring: 4/1/11 - 5/1/11
http://zuluring.blogspot.com/2011_04_01_archive.html
Izinyanga Zonyaka Ngolimi LwesiZulu. Izinyanga zonyaka ngezansi zibhalwe ngendlela esijwayele ukuzibiza ngayo ngolimi lwesiZulu nangesiZulu soqobo. Amagama amqondofana angamagama anikeza umqondo ofanayo, noma anencazelo efanayo, asho into eyodwa. Amanzi ∼ amadambi. Casuka ∼ dinwa. Hlomula ∼ zuza. Igceke ∼ ibala. Igwala ∼ ivaka. Ikhala ∼ impumulo. Indlela ∼ inyathuko. Indlu ∼ inkatheko. Indoda ∼ injeza. Inja ∼ ingcanga. Iso ∼ iqaphelo. Isu ∼ icebo. Phuza ∼ natha. Ubhozo ∼ uqukula. Ukudla ∼ ukumaya. 8764;U...